Ithi ngeke ixolise indodana kaMengameli Zuma

2017-07-31 09:31

Durban – Indodana kaMengameli Jacob Zuma u-Edward iwushaye indiva umyalelo we-ANC wokuba ihoxise amazwi ewasho ngabanye babaholi abaphezulu benhlangano.

“Amazwi ami asamile namanje. Ngiyayihlonipha i-ANC kodwa kulokhu ngeke ngihoxise lutho. Ngimile kwengikushilo, ngiyakholelwa kukhona, ngakho ngeke ngishintshe lutho,” esho.

Encwadini evulelekile ebibhekiswe kulabo ababengoNgqongqoshe, uDerek Hanekom noPravin Gordhan, u-Edward ubabize ngabadayisi, abantgu abavikela ongxiwankulu

Ubize uHanekom nge-white Afrikaner askari, okungukuthi ungumdayisi, usebenzisana nezitha.

OLUNYE UDABA: Kulimale 50 wabantu ibhasi ishayisana nemoto

Uphinde wathi uGordhan ungelinye lamaqabane anenkohlakalo kakhulu kwi-ANC “ocabanga ukuthi abantu bomdabu abafanelwe okungaphezulu kokugawula izimoba, okumele bahlale betholeba obasi abafana naye”

U-Edward uthe oNgqongqoshe angahlangana nabo enkantolo uma bemmangalela.  

Uthe incwadi akayibhalanga ngoba evikela uMengameli Zuma.

- The Mercury

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.