Itholakele imoto eyasetshenziswa ukugebenga uR20m esikhumulweni sezindiza

2017-05-27 09:33

Johannesburg – Imoto okusolakala ukuthi iyona eyayisetshenziswa ngesikhathi kwebiwa izigidi zamarandi esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo.

Lokhu kuvele enkantolo yaseKempton Park ngoLwesihlanu njengoba bekuvele abasolwa ngokwenza lobu bugebengu.

Le moto ihanjiswe kubaseshi abacwaninga ubufakazi ukuze iseshwe kahle.

UMshushisi uPieter Erasmus utshele inkantolo ukuthi le moto ifana ncamashi nale moto okukholakala ukuthi yayihamba abasolwa.

Laba basolwa abayisikhombisa okubalwa kubona nephoyisa bavele phambi kwale Mantshi njengoba sekuqalile ukuqulwa kwaleli cala.

OLUNYE UDABA:Babuyela enkantolo abasolwa ngokweba izindodla zemali e-OR Tambo

USimon Thlokwane, France Manaka, 26, noPhilokuhle Ntanzi, 30, babhekene namacala okugebenga ngenhloso yokulimaza.

Ngaphambilini le nkantolo yanikeza abasolwa uSibusiso Job Mnisi, 39, Prince Raphael Dube, 43, noThando Sonqishe, 39 ibheyili. 

Umsolwa wesikhombisa uMosiwa Mutame, 35, yena wazinikela emaphoyisa, naye wagcina eyitholile ibheyili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.