Ithole ibheyili indoda 'eyahlafuna i-SIM card yowesifazane, yamshaya'

2017-11-27 10:59

Pretoria - Indoda yasePitoli ingase iyoqaliswa amakilasi okulawula ukudinwa kwayo ngemuva kokuhlafuna i-SIM card yowesifazane maqede yamshaya ngesibhakela ebusweni, kusho amaphoyisa ngeSonto.

"Ngokusho kwemibiko, umsolwa, ngaphandle kokusukelwa, kusolakala ukuthi uvele wathatha iselula yesisulu wayikhipha i-SIM card ngaphambi kokuyihlafuna," kusho uCaptain Daniel Mavimbela wamaphoyisa aseSunnyside.

"Kubikwa ukuthi wabe eseshaya ngenqindi isisulu ebusweni ngaphambi kokulanyulelwa abanye abantu abahlala nabo efulethini," kusho njalo.

Le ndoda eneminyaka engu-28 ubudala iboshwe ngemuva kwesigameko ngoLwesine olwedlule, yayovela eNkantolo yeMantshi yaseProtea.

OLUNYE UDABA:Kusolwa udlame lwasekhaya ngokuphuma kwezidubmu ezimbili

Yize kunjalo, lo wesifazane akafunanga ukuqhubeka necala nakuba athola amanxeba ebusweni, entanyeni nasengalweni.

Lo wesifazane wenza isitatimende emaphoyiseni ethi akafuni ukwethula ubufakazi ngemuva kokuba imindeni ihlale phansi yaxoxisana.

UMavimbela uthe amaphoyisa nabashushisi abafunanga ukuliyeka leli cala ngoba umsolwa uzobuyela efulethini elifanayo nalesi sisulu.

Kunalokho, bazocela umsolwa ukuba ahambele amakilasi okufunda ukuhlalisana nabantu kanjalo nawokulawula ukudinwa.

Le ndoda idedelwe ngebheyili ka-R500 kanti izophinde ivele enkantolo ngomhlaka-23 Januwari 2018.

Ibheyili yale ndoda ihambisana nemigomo ethi akumele itholakale ishaya, isabisa noma ithuka ngenhlamba isisulu. Uma kungenjalo izobuyela ejele.

UMavimbela uthe izisulu zodlame lwasekhaya nobunye ubugebengu obubhekiswe kubantu besifazane nezingane zixhumane namaphoyisa ngokushesha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.