ITiger Brand imise eminye futhi imikhiqizo ngenxa ye-listeriosis

2018-03-19 18:01

Johannesburg -  ITiger Brands ngoMsombuluko ithe ithathe isinqumo sokuba kubuyiselwe emuva yonke imikhiqizo eyenziwe efemini esePitoli iValue Added Meat Products (VAMP) njengokuba yenza nangemikhiqizo yasePolokwane naseGermiston kulandela ukuqubuka kwe-listeriosis.

"Imikhiqizo efemini, ephinde ihlanganise neyakwa-SNAX, izoke imiswe," kusho inkampani esitatimendeni.

"Lesi sinqumo sithathwe ngenxa yokutholakala kwe-listeria monocytogenes efemini, kulandela ukuhlolisisa okwenziwe.”

OLUNYE UDABA: 'Wavuma ukuthi wadlisa izingane zakhe, wabe eseshona' 

ITiger Brands ithi ngoMashi 5 yayalela ukuba kubuyiswe yonke imikhiqizo esanyama yakwa-Enterprise edayiswa isilungele ukuba ingadliwa ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi ethe ingumsuka we-listeriosis esibulale inqwaba yabantu.

Kodwa isikhulu esiphezulu senkampani, uLaurence MacDoughall, ngokuhamba kwesikhathi satshela izintatheli ukuthi abukho ubufakazi bokuthi imikhiqizo yabo iyona ebulele abantu ababengu-180 ngaleso sikhathi.

Le nkampani ithi ilindele ukuba ilahlekelwe imali engafinyelela ku-R33 million ngokumiswa kwemikhiqizo yayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.