Itwetwe emaphoyiseni angenabo o-ova emavenini

2017-07-27 16:00

Durban - Adliwa yingebhe amaphoyisa asesiteshini sase-Ibisi, eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal njengoba ethi sekuphele iminyaka esebenza ngamaveni angenabo o-ova.

La maphoyisa athi uma ebizwa ukuyosebenza ebusuku, asebenza enetwetwe esaba ukuthi izigebengu asuke eyozifuna zingawahlasela aze afe engatholi ngisho usizo eziteshini eziseduze njengoba engakwazi ukuxhumana nesiteshi uma esebenzela ngaphandle.

Ngokusho kwelinye iphoyisa elisebenza kulesi siteshi elicele ukuba igama lalo ligodlwe ukwenzela ukuphepha, amaphoyisa amaningi kawasafuni ukuyosebenza ngaphandle ngenxa yale nkinga.

OLUNYE UDABA:Uvalo kumlingisi weSibaya ngezinsongo zokubulawa

"Kayikho into elingule kulesi siteshi njengoba neziboshwa zimpintshwa esitokisini esisodwa ngoba zonke ezinye kazikho esimeni futhi kade kwakubikwa zingalungiswa. Ugesi egcekeni awukho, kumnyama bhuqe kusukela ngo-2013.

"Iziboshwa zingeqa singaziboni ngisho ukuzibona. Kulesi sitehsi kuke kwangena izigebengu zizofuna izibhamu kozakwethu ababesebenza ebusujku ngenhlanhla bakwazi ukuzivikela kwangalimala muntu. Lesi sigameko senzeka ngo-2015 kodwa namanje udonga lusezimbobombobo yizinhlamvu kalulungisiwe," kusho leli phoyisa.

Umphathi walesi sitesji, uLt Colonel Bheki Mbanjwa, ebuzwa ngalolu daba uthe akafuni ukuyikhuluma le isingaphezu kwakhe. Ucele ukuba kuthintwe u-cluter commander ngoba zonke izinkinga ababebhekene nazo uyazazi, kazizintsha.

Uthe kodwa olwamalambu akhanyisa ngaphandle seluyalungiswa, kungekudala kuzobe sekukhanya esiteshini.

U-cluster commander, uBrigadier Thobekile Shazi, uthe ngamanga alihlaza ukuthi kabekho o-ova futhi kakukhanyi esiteshini. Uthi bebengeke bathule bengayibiki inkinga enkulu kanjalo.

"Uyabona nje, ngoLwesihlanu besihlangene esiteshini sase-Ibisi kukhona noNgqongqoshe ababili okungowezokuPhepha, uMxolisi Kaunda nowezokuBusa nokuBambisana uNomusa Dube-Ncube, siyokhuluma ngalolu daba lwala makhansela adutshuliwe. Akekho oke wangibikela inkinga enjalo.

"Umphathi  walesi siteshi naye ubekhona emhlanganweni ubengeke angayisho leyo nto," kusho uBrigadier Shazi.

 - ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.