Ivele enkantolo indodana yeqhawe lomzabalazo

2018-02-27 18:00

Cape Town – UHlumelo Biko, indodana yeqhawe le-Black Consciousness Movement uSteve Biko, uvele kafushane eNkantolo kaMantshi eKapa ngecala lokushaya ngoLwesibili.

UBiko kuthiwa washaya umkakhe eCamps Bay kanti ubhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Amaphoyisa atshele iNews24 ngoJanuwari ukuthi icala lokushaya odlameni lwasekhaya livulwe esiteshini samaphoyisa eCamps Bay ngosuku olwandulela olukaNcibijane.

UBiko uvele okokuqala enkantolo ngoJanuwari 4 kanti wadedelwa ngesexwayiso.

OLUNYE UDABA: I-EFF ithi kayizamukeli izinguquko ezenziwe uRamaphosa

NgoLwesibili, lolu daba luhlehlisiwe ngemuva kokuba abashushisi bethe badinga isikhathi esanele ukuthola ezinye izitatimende ezimbili ezifungelwe.

UBiko uyalelwe ukuba abuyele enkantolo ngo-Ephreli 19, waphinde wadedelwa ngesexwayiso.

Ngaphandle kwenkantolo, ummeli kaBiko uRoy Barendse uthe ikhasimende lakhe lizoliphika icala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.