Ivelile indoda esolwa ngokubulala abantu eMbongolwane e-KZN

2017-08-22 12:31

Durban - UBusani Ntshangase, 47, ongomunye wabantu abane ababoshelwa izinsolo zokubulala abantu abane, eMbongolwane, uvelile eNkantolo yeMantshi yaseShowe izolo (ngoMsombuluko), kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

UNtshangase uvele enkantolo ngoMsombuluko, ngamacala amane okubulala nelokuzama ukubulala, kusho uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

UNtshangase  kanye nabanye uzophinde avele ngomhlaka-29 Agasti.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababili abasolwa ngokubulala eKZN

Ngobusuku bangeSonto lwangomhlaka-6 Agasti, kwadutshulwa abantu abahlanu ababekurondo eMbongolwane, edolobheni elikwisiFunda sasoThungulu.

Indlu yabo yokhelwa nangomlilo. Abantu abathathu abaneminyaka ephakathi kwengu-30 nengu-50 ubudala bashonela endaweni yesigameko. Ababili abalimala kanzima baphuthunyiswa esibhedlela.

UZwane uthe akafuni ukuhlawumbisela ngembangela yesigameko, njengoba udaba lusaphenywa. 

IBamba likakhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor-General Bheki Langa ukugxekile ukubulala wabe esenxusa ukuba izakhamuzi zendawo zingazithatheli umthetho ezandleni.

"Abantu kufanele bazibandakanye ezingxoxweni ukuxazulula izinkinga zabo ngokuthula, kunokuzixazulula ngodlame," usho kanjalo esitatimendeni.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.