Ivelile indoda esolwa ngokubulala intombi

2017-09-27 06:48

Johannesburg -  Indoda eneminyaka engu-39 ubudala esolwa ngokugwaza ibulale intombi ivele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBafokeng, eTlabane, eduzane naseRustenburg, ngoLwesibili.

Icala elibhekene noWilliam Mthimkhulu lihlehliselwe umhlaka-17 Okthoba.

OLUNYE UDABA:Ubulale intombi wafonela umndeni ukuba ulande isidumbu

UMthimkhulu walivuma ngomhlaka-7 Julayi icala, watshela inkantolo ukuthi wayigwaza emhlane intombi yakhe uMpho Mthini, 25, ngemuva kwengxabano ababanayo eLethabong, eduzane naseRustenburg ngomhlaka-4 Disemba 2016.

Umsolwa wabe eseyobika ngodaba esiteshini samaphoyisa aseRustenburg ngaphambi kokuzinikela.

Kwesinye isigameko, iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape isigwebe owesilisa udilikajele kulandela ukulahlwa yicala lokubulala iphoyisa laseKapa.

UMziwedingwa Putase ugwetshwe ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesihlanu.

USergeant Bafundi Mdlalo wadutshulwa wabulawa esekhaya lakhe eMitchells Plain ngoJulayi 2013.

UPutase walahlwa yicala ngokuba ngungqondongqondo esigamekweni sokubulawa kukaMdlalo, 34.

Ulahlwe yicala lokuphanga esebenzisa indluzula, ukuphatha isibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho kanye nokweba isibhamu.

UMdlalo wadutshulwa phambi kwendodana yakhe, 3, kanye nonkosikazi wakhe naye oyiphoyisa.


 - ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.