Ivelile indoda eyabulala amadodakazi, yalimaza umkayo

2017-10-25 12:31

Bulawayo - Indoda yaseChipinge yabulala izingane zayo ezimbili isebenzisa ucelemba esigamekweni esashiya umphakathi ushaqekile.

UKarukai Matsvase, 27, waseChinyamukwakwa village akazange aliphike icala lakhe lokubulala izingane zakhe ezimbili ngesikhathi evele eNkantolo eNkulu yaseMutare ngoMsombuluko.

Yize kunjalo, akatholakalanga enecala njengoba ebegula ngokwengqondo ngesikhathi enza icala.

Umshushisi utshele inkantolo ukuthi uMatsvase ubulale amadodakazi akhe amabili asemancane, uDeilight Baloyi Matsvase, 4, no-Agnes Baloyi, 3, ngaphambi kokugenca unkosikazi wakhe uBeauty Chauke owasinda kulesi sigameko, kodwa wathola amanxeba amabi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umyeni ngokushona kukankosikazi

UMbuso uthe ngoJanuwari 2014, umsolwa wavuka phakathi kwamabili wagenca amadodakazi akhe womabili ngocelemba, ashona ujuqu ngaphambi kokuhlasela umkakhe.

Umfowabo uWatson wakwazi ukulamula ngaphambi kokuba abaleke umsolwa.

Izidumbu zahanjiswa emakhazeni asesibhedlela iSt Peters, uChauke yena wangeniswa esibhedlela.

UDavison Taremba, okunguyena udokotela owahlola izidumbu, wathi izingane zashona ngenxa yokulimala kanzima.

Umsolwa waboshwa kodwa wangeniswa esibhedlela sabagula ngokwengqondo ngaphakathi ejele iChikurubi Maximum Prison ngaphansi komthetho iMental Health Act.

UMwalter Mangezi, ongudokotela kulesi sibhedlela, yena wathi ngesikhathi sesigameko uMatsvase wayegula ngengqondo.

 - Bulawayo24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.