IVIDEO: Abafundi bakhiphelane imimese kwaqhuma nezibhamu behlaselana esikoleni

2017-08-21 11:05

Druban - Sekubonakale ama-video amabili atshengisa abafundi besikole iRichards Bay Secondary behlaselana abanye bebukele.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi abafundi babehlome ngemimese kwaqhuma nezibhamu kulesi sigameko esenzeke ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA:Bamisiwe esikoleni abafundi ababonakale kwi-video belwa

UMnyango uthi uhlela ukugasela kulesi sikole uyosesha izikhwama zabafundi kanti uNgqongqoshe uMthandeni Dlungwana yena uvakashela kulesi sikole namuhla (ngoMsombuluko).

Lesi sigameko silandela leso sebhungu elithole ibheyili kulandela ukushaya umfundi esikoleni saseNanda.

Ngokusho kukaDlungwana, isikole sinezinkinga zezidakamizwa namaqembu ezigebengu.

Ushayele ihlombe amaphoyisa ngokubandakanyeka kwawo kulesi sigameko, wathi sekufanele kungenelele nabazali.

Isikole sesinonogada ohlomile, kanti uDlungwana uthi lolu daba ludinga ukuba kungenelele nomphakathi kulo njengoba abafundi bengena emagcekeni esikole behlome ngezikhali.

 - VIDEO:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.