I-website entsha yesiZulu eqhakambisa ezobuCiko namaSiko

2018-05-11 13:43

Ubhabhakazi nokuyibhuku elitholakala online likhiqiza ngokukhethekile izindaba eziphathelene nezobuciko, amasiko, ezokuvakasha kanye nomculo wesintu.

Leli bhuku elisungulwe ngaphansi kwenkampani iSocial Media Manager nokuyinkampani esafufusa yentokazi uNonkululeko Nhlapo.

Ngokusho kwakhe, ubone kunesikhala esikhulu esivulekile embonini yezindaba nakwezikaqedisizungu sokushicilelwa kwezindaba ezibonisa ubuhle nobuhlakani bosomabhizinisi abasebenza kulezi zimboni.

"Esikhathini esiningi sifunda okubi ngoMculi kaMaskandi, sibona abaculi bevela amakhasini aphambili emaphepheni uma benze okubi, kodwa kukancane ukuzwa kunconywa noma kukhangiswa okuhle ngabo.

Kanjalo nakulabo abenza umsebenzi wezandla. Kukancane ukubona udaba ephepheni olukhuluma ngamaciko aseNquthu, izinhlelo zamasiko ezendleka kwaNobamba noma imicimbi ekhangisa lokhu eMtubatuba,"kusho yena.

UNhlapho uthi le webhusayithi ayisungulayo izovundulula futhi ikhangise amathelente abantu basemakhaya ikakhulukazi intsha kanye nabomama abazisebenzayo.

"Ngale kokukhangisa nokubhala izindaba zabantu basemakhaya, ngiqale uhlelo oluyisiqoqela lwazi, lapho ngizogcina khona imininingwane yamaqembu ashaya ingoma ezindaweni zasemakhaya ukuze batholakale kalula kubahleli bemicimbi.

Esikhathini esiningi abantu bahlela imicimbi yesintu, kodwa abhajwe ekutheni akabazi abantu abashaya ingoma noma abenza ubuhlalu, kodwa kubenzima ukubathola umuntu aze aqashe amaqembu akude akhokhe izimali ezishisiwe ngento abengasizakala ngayo kalula.

Uma kukhona abahleli bemicimbi abafuna ukukhangisa imicimbi yabo, noma kukhona abashayi bengoma abafuna umsebenzi wabo ukhangiswe kuleli khasi, bangaxhumana naye uNhlapo.

"Isifundazwe sakwaZulu-Natal sihle kakhulu futhi sinomlando omuhle okumele singazenyezi ngakho futhi singasabi ukuzigqaja ngalokhu esiyikho. Konke lokhu sizokwenza kuphela uma sinothando lokukufunda kanye nokuhambela izindawo zangakithi ezinhle."

UNhlapo uthi wonke lo msebenzi uzenzela yena okwamanje njengoba ubengakabatholi abaxhasi.

"Ngoba ngiyakuthanda ukukhuthaza abantu, futhi ngiyakuthanda nokubhala izindaba ezimnandi ngithe kangikuqale lokhu, abaxhasi bazongithola ngendlela."

Uma ufuna ukwazi kabanzi ngalokhu ngena ku- www.ubhabhakazi.co.za.

ungaxhumana noNhlapo ku- info@ubhabhakazi.co.za noma nhlapon@ubhabhakazi.co.za.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.