IWits isabise ngokuxosha uHunt

2017-09-24 13:02

Durban - Uthuke woma uGavin Hunt ongumqeqeshi weBidvest Wits eyizingqwle ze-Absa Premiership ebizelwa emhlanganweni ophuthumayo wasatshiswa ngokuxoshwa uma engasiguquli isimo esibhekene nale kilabhu.

IWuts iyiqale kabi imidlalo ye-Absa Premiership njengoba iqukudla kwesibhaxu. Ize yahlaleka ngisho uukuvikela isicoco se-MTN8 ekhishwe kuso yiCape Town City eholwa nguBenni McCarthy.

OLUNYE UDABA:Gavin Hunt: Ngiphoxeke kabi

Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo engaphakathi kwiWits ukuthi uHunt akakholwanga ebvizelwa emhlanganweni ophuthumayo ngabaphathi bayo bamusabisa ngokumuxosha uma kuwukuthi akasiguquli isimo mesingesihle esibhekene nalel kilabhu.

Kuthiwa bebecikwa yindlela le kilabhu eshaywe ngayo ngamaZulu FC angomakoti beligi ayinenebule ngo 3-0 ovuthayo kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

"Into ecika izikhulu zeWits wukuthi uHunt uzithatha kalula izinto futhi bamubona esekhululeke ngokweqile yingakho bemubizile ukuze azi ukuthi uqashiwe kakuyona ikilabhu yakhe. Uthukile, ubengayilindele le nto emenzakalele phela uvamise ukuzihambela emakilabhini eyokuxoshwa ngabakhwekazi kuyena.

"Into ecika kakhulu abaphathi wukuthi usishintsha njalo isikimu sakhe ngaphandle kwesizathu, ushintsha ngisho umuntu edlala kahle. Eyokuhlulwa wuSuthu ibame emiphinjeni yingakho beze bamusabisa ngokumxosha," kusho lo mthombo.

Leli phephandaba lishayele uHunt ngalolu daba, uvumile ukuthi kube nomhlangano abizelwe kuwona.

"Kangifuni ukukhuluma kakhulu ngokwenzeke emhlanganweni ngoba kuyimfihlo. Engingakuqinisekisa wukuthi abaphathi kabaneme, nami ngokunjalo kangijabule ngendlela esiyiqale ngayo isizini. Kodwa-ke sizozijika izinto, kusazolunga," kusho uHunt.

 - ILANGA LangeSonto

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.