Iyaphila intatheli yakuleli eyathunjwa eSyria - Inhlangano

2017-02-17 14:01

Cape Town – Intatheli yaseNingizimu Afrika ethunjwe eSyria, uShiraaz Mohamed, iyaphila kanti ingase idedelwe maduzane ngokusho kwenhlangano ezimele ekhulume ne-Eyewitness News.

Ngokusho kwe-Truth Collective South Africa, uhulumeni waseSyria usevumile ukudedela amavukelambuso amane ukuze wona ezodedela uMohamed.

Le ntatheli yaseNingizimu Afrika yathunjwa ilibhekise emngceleni waseTurkey ngoJanuwari 10, ngasesibhedlela esisetshenziswa yiGift of the Givers.

Abathumbi bakhomba ngezibhamu emakhanda abasebenzi ababili ababehamba noMohamed base bebavala amehlo bahamba nabo isikhathi esingangehora.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa awaphumeli obala ngababili ababulawa eMlazi

Oshayasibhamu badedela abantu ababili kodwa bathi basazompheka ngemibuzo uMohamed ukuze bacaciseleke kahle ngaphambi kokuba bamkhulule ngemuva kwezinsuku ezimbili.

Kodwa akuphindanga kwezwakala lutho ngemuva kwalokho.

Ngokombiko we-EWN, ithimba eliholwa nguMqondisi weTruth Collective South Africa uBakar al-Maharmeh libuye eSyria kuleli sonto.

Uthe uMohamed uthunjwe amavukelambuso eJabhat al-Nusra, angafuni ukuxoxisana neGift of the Givers nezwe iTurkey.

U-Al-Maharmeh utshele i-EWN ukuthi uzobuya eSyria ngenyanga ezayo eseyolanda uMohamed.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.