Iyaqala esikoleni ngoMsombuluko obekuthiwa isiyashona

2017-01-22 11:02

Durban - Ingane yentombazane yaseThekwini eyazama ukuzibulala ngenxa yezinkinga zesitifike sayo sokuzalwa ebesiyivimba ukuba ingene esikoleni, iyaqala esikoleni ngoMsombuluko.

Kodwa umama wayo uselahle ithemba ngokuthi aboMnyango wezaseKhaya bazosigcina isithembiso sabo sokusiza indodakazi yakhe eneminyaka engu-13 ubudala ngokuthola isitifiketi sayo sokuzalwa ngemuva kokuhlonzwa njengoshonile ngephutha.

Ngaphandle kwesitifiketi sokuzalwa, le ntombazane ibingakwazi ukubhalisa esikoleni samabanga aphezulu.

NgoLwesibili, lo mama wabanomhlangano noJabu Mgobhozi oyimenenja yoMnyango wezaseKhaya eThekwini, wamqinisekisa.

OLUNYE UDABA: Udube ingane ongayitholi i-ID

"Bengilindele ucingo lwabo kodwa akekho ozihluphile ngokungazisa ngokuqhubekayo. Ngazama ukubahsayela ucingo kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlana wedada," usho njalo.

Kube nzima ukuthi le ntombazane ibhalisele uGrade 8 njengoba ingenaso isitifiketi sokuzalwa.

Le ngane yamukelwa yisikole iRossburgh High ngemuva kokuba umnyango ukhiphe incwadi eqinisekisa ukuthi iphila njengo sheleni nokuthi uphezu kodaba.

"Ngesikhathi le ngane ifika la yayikhathazekile, isaba nokuthi izophindiselwa emuva. Nathi sasingenaso isiqiniseko ngodaba lwayo kodwa umnyango wathi inawo wonke amaphepha adingekayo ngaphandle kwesitifiketi sokuzalwa kodwa uyalulungisa udaba, kusho okhulumela isikole.

"Sibikelwe ukuthi iyaqala ukufunda ngoMsombuloko. Kodwa njengesikole kufanele silulandele lolu daba lwesitifiketi ngoba kugcina sekuyinkinga uma sekubhalwa izivivinyo ikakhulukazi zakuMatikuletsheni."

Umama wale ngane uqinisekise ukuthi isiphumile esibhedlela.

 - IOL

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.