Iyaqala imashi yeSaftu ezweni lonke

2018-04-25 09:31

Johannesburg - I-SA Federation of Trade Unions (Saftu) izobamba isiteleka sikazwelonke ngoLwesithathu ikhala ngamaholo asemthethweni.

"Wonke amalungu nabasebenzi kungakhathazelekile ukuthi bangaphansi kwayiphi inyunyana bangaba yingxenye yethu,” kusho isikhangiso seSaftu.

Okhulumela lo mfelandawonye wezinyunyana uPatrick Craven ulindele abantu baphume ngobuningi babo kanti futhi uwachithile amahlebezi athi isiteleka sizoba nodlame.

UMnyango wezeMfundo uthe izikole zizobe zivuliwe.

Nazi izindawo okulindeleke ziphazamiseke:

OLUNYE UDABA: Uboshiwe owashiya izingane zodwa, waya kophuza

- EGoli, abazobe bemasha bazohlangana eNewtown Precinct Park ngaphambi kokuba bamashe baye eMnyangweni wezabaSebenzi, kowezeMpilo eGauteng kanjalo nasehhovisi likaNdunankulu uDavid Makhura.

- EKapa, abazobe bemasha bazohlangana eKeizersgracht ngaphambi kokuba bamashele edolobheni laseKapa nasePhalamende.

- EPort Elizabeth, abazobe bemasha bazohlangana eVusi Dlamini Square ngaphambi kokuba banikele eCentenary Hall.

- EBloemfontein, kuzohlangana eBatho Hall ngaphambi kokuba kuyiwe eMnyangweni wezabaSebenzi.

- EPolokwane, bazohlangana eSABC Park bese benikela eMnyangweni wezabaSebenzi nowezokuThuthukiswa koMphakathi.

- Kanti eThekwini, abazobe bemasha bazohlangana kuBotha's Place ngaphambi kokuba baye eDurban City Hall, eMnyangweni wezabaSebenzi owezokuThuthukiswa koMnotho nasehhovisi likaNdunankulu neleMeya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.