Iyaqala namuhla inkomfa yezinsuku ezimbili kaKhongolose eKZN

2017-12-04 09:00

eThekwini - Iyaqala namuhla (ngoMsombuluko) inkomfa ye-ANC esifundazweni sakwaZulu-Natal lapho bazobe bekhetha khona igama lomholi abahamba naye.

Le nkomfa izothatha izinsuku ezimbili e-Olive Convention Center eThekwini lapho kuzobe kuhlanganyele ndawonye amagatsha ahlukahlukene kaKhongolose.

Ngokusho kukaMdumiseni Ntuli okhulumela iANC kulesi sifundazwe uthi amalungiselelo ami ngemumo kanti asefikile namalungu ale nhlangano abuya kwamanye amagatsha.

"Okubalulekile esizokudingida namuhla wukuthi sivumelane ngomhlahlandlela ozosinika inqubekela phambili futhi sazi nokuthi yini esifuna ukuyizuza kuKhongolose,"kusho uNtuli. 

IKZN yisona sifundazwe sinamalungu amaningi kakhulu kanti futhi yisona esizothumela amalungu angaphezu kuka-800 kwinkomfa kazwelonke emasontweni amabili azayo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: 'Umengameli ophumayo' uZuma uhlangane nabagaqele esokuhola i-ANC

Ngokusho kukaNtuli, angu-9 amagatsha ayalelwe ukuba aqale phansi inqubo yawo yokuvota ngenxa yezimo ezithile nokungalandelwa ngendlela kwemigomo.

Angu-8 akwenzile lokho kanti iyodwa esazokwenza."Kubalulekile ukuthi siqondise zonke izinto kusukela kumagatsha, leli elingakavoti, lisazokwenza lokho ngoba liyakwazi okufanelekle, kodwa okubalulekile wukuthi namuhla sivumelane ngento eyodwa siyisifundazwe.

UNtuli uthi yize kunokuba nezikhathi lapho bengaboni ngaso linye ezintweni eziningi, kodwa kubalulekile ukuthi uma behlangana lapha, baphume no-elethu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.