Durban - Kuhlangene ithimba labatshali bezimali abanezifiso zokutakula iMoroka Swallows ngosizo lweFreestate Stars.
Leli qoqo labatshali bezimali bafuna ukubuyisa iMoroka Swallows kwi-Premier Soccer League kanti kubonakala sengathi sezisemaphethweleni izingxoxo zokwenza lokhu kube yimpumelelo.
Kuthiwa laba batshali zimali sebevumelene ngokuthenga leliqembu nabaphathi be-Free State Stars.
OLUNYE UDABA:Owayedlalela iBucs ujoyine elidlala ku-ABC Motsepe League
Manje sekulindwe kuphela ukuthi iPSL ikwamukele lokhu ngokusemthethweni.
AbeSiya Crew bezwe ukuthi bangu-10 abantu abahambele lo mhlangano obubanjelwe eBethlehem futhi kube nanomhlangano nabadlali be-Ea Lla Koto.
Kulaba batshali zimali kubalwa owayengomqeqeshi weSwallows uFani Madida, kanye no-MEC wezemfundo eGauteng uPanyaza Lesufi.
Lapha kuhlelwe ukuthi kuthengwe iFree State Stars ithengelwe i-Moroka Swallows ezinze eBethlehem okwamanje.