Iyaqhubeka impi phakathi kukaMbalula nomdlali owathenjiswa imali

2016-11-07 14:33

Cape Town – Kuyaqhubeka ukujikijelana ngamazwi phakathi kwaNgqongqoshe wezemiDlalo, uFikile Mbalula, kanye nomdlali owawina indondo emidlalweni yama-Olympics, ebiseRio, eBrazil, uSunette Viljoen.

Lo mshwibi wejavelini ufuna uMbalula angenzi izithembiso angeke azigcine bese emkhokhela isamba semali engu-R70 000 yebhonasi eyathenjiswa.

UViljoen wathola u-R200 000 ngendondo yesiliva ayithola emidlalweni yeseRio – njengomklomelo owathenjiswa yi-SASCOC.ngaphambi kokuba kuqale le midlalo.

Bathi ngabuyela eNingizimu Afrika, bevela eRio, uMbalula wathembisa enye futhi imali yebhonasi, nalapho kwathenjiswa ukuthi abawine izindondo zegolide bazothola u-R100 000, abezindondo zesiliva bathole u-R70 000, bese kuthi abawine izindondo zethusi bona bathole u-R50 000.

OLUNYE UDABA: Abantu abafunde ukulawula imizwa yabo - Mbalula

Ngenyanga eyedlule, uViljoen wabhala enkundleni yezokuxhumana, uTwitter, ethi akakaze athole ngisho isenti lale mali eyathenjiswa nguMbalula, wathi futhi akaboni ukuthi uyoke ayibone.

Esikhathini esingaphambilini lo mdlali ubelokhu egxeka uMbalula kanye neSASCOC ekhala ngokuthi akakaze akhokhelwe kusukela ngoFebhuwari kulo nyaka, phezu kokuba yingxenye ye-SASCOC's Operation Excellence (OPEX).

UMbalula waphendula ngokuthi athi lo mdlali ukhononda kakhulu.

NgoMsombuluko uViljoen ufake kuTwitter umfanekiso wengxoxo abe nayo noMbalula enkundleni yezokuxhumana, iWhatApp.

Kule ngxoxo uViljoen ucela ungqongqoshe ukuba amkhokhele le mali ngoba uyayidinga kakhulu.

Akapholisanga maseko uMbalula njengoba ebe esephendula ngokuthi: “Wathi awuyidingi. Ngakho ngisame ezifisweni zakho.”

Lokhu kuthukuthelise kakhulu uViljoen obe esephundula kuTwitter ethi kuyihlazo ukuthi usephathwa kanje emuva kokuwina indondo. 

Nansi inkulumo ngezansi:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.