Iyaqhubeka inhlololwazi yabafuna ukuba yingxenye yebhodi leNYDA

2017-01-25 16:00

Durban - Iyaqhubeka ephalamende inqubo yokuhlunga kwalabo abazothatha izikhundla zokuba ngamalungu ebhodi le-National Youth Develpoment Agency.

Le nqubo isakazwa bukhoma kumabonakude (Channel 408) kanti kuze kube yimanje bangu-14 abantu asebahlatshwe ngemibuzo ngokuthi kungani bezibona befanelekile ukuba yingxenye yaleli bhodi.

OLUNYE UDABA: Kumele ihlakazwe i-NYDA - Intsha ye-DA

Asebedlule phambi kwaleli komidi yilaba: Joy Maimela, Zandile Myeni, Zandile Majozi, Siyaduma Biniza, Desmond Moela (oyiphini likamengameli we-ANCYL usesihoxisile isicelo sakhe), Thembinkosi Josopu, Ndumiso Mokako, Yershen Pillay (ongusihlalo ophumayo waleli bhodi), Sifiso Mtsweni, Kenneth Morolong, Bavelile Hlongwa, Andile Biyela, Zilondiwe Goge kanye noSiyabonga Magadla (onguNobhala webhodi eliphumayo).

Okwamanje akakucaci ukuthi lizoqokwa nini leli bhodi nokuthi lizoqala nini ukusebenza.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.