Iyaqhubeka inkiyankiya yencwadi kaBonang, isitolo sikhiphe isitatimende

2017-08-08 18:00

Cape Town - Inkampani edayisa izincwadi i-Exclusive Books ithi amakhasimende angayibuyisa incwadi kaBonang athole imali yawo.

Le nkampani isho lokhu ngesitatimende esikhishwe ngoLwesibili ukuthi uma amakhasimende engagculisekile ngencwadi ethi, Bonang: From A to B.

Lokhu kulandela izikhalazo ezinkundleni zokuxhumana kusukela kubafundi abathi ngeke bakwazi ukubekezelela amaphutha akule ncwadi kanye nokungacaci kahle ngokuhlelwa kwayo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: IsiNgisi dololo encwadini kaBonang

"Siyazi ukuthi abashicileli bamatasa nokulungisa amaphutha ukuze kukhishwe olunye ushicilelo lwale ncwadi kanti futhi nabo bazoyihlolisisa futhi sithathe isinqumo ngokufaka elinye i-oda ngokuhamba kwesikhathi," kusho le nkampani.

Le nkampani isixolisile ngalokhu okwenzeke kumakhasimende abo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.