Iyaqhubeka nokusebenza iMenenja yeTheku, iphika eyokuxoshwa

2016-12-21 16:01

Durban – IMenenja kuMasipala weTheku, uSibusiso Sithole, useyichithile imibiko yokuthi usekhonjwe indlela yiMeya uZandile Gumede.

IDemocratic Alliance ikhiphe isitatimende ngoLwesithathu ithi uSithole uxoshelwe ukuvimbela “ukuqashwa ngobungani” ezikhundleni ezinkulu kumasipala.

Leli qembu likholwa ukuthi uSithole uyisisulu sokusatshiswa kanye nokungavumeli lutho kulabo abafuna ngayo yonke indlela ukuthi bafake obhululu babo.

OLUNYE UDABA: Umasipala weTheku uzolethela izakhamuzi uBeyonce – Umbiko

“I-DA ikholwa ukuthi uSithole ubewudonga lokugcina lokuvimbela lolu hlelo lwe-ANC, ngakho iMeya uGumede bekumele axoshe imenenja yedolobha.

“Manje, ngemuva kwesonto lonke, uGumede usebonile ukuthi ukuxosha kwakhe imenenja yedolobha kwakungekho emthethweni futhi usebize umhlangano womkhandlu ophuthumayo waleli sonto ukuzama ukulungisa iphutha lakhe,” kusho umholi weDA e-KZN, uZwakele Mcwango.

Ekhuluma neNews24 ngoLwesithathu, uSithole uthe yena usehhovisi futhi uyasebenza.

“Inkontileka yami ifinyelela esiphethweni futhi ngiyaqonda ukuthi kunomhlangano womkhandlu okhethekile ngoLwesine futhi ngizokwazi okunye ngaleso sikhathi. Okwamanje ngisasebenza,” kusho uSithole.

Inkontileka kaSithole isifinyelela ekupheleni ezinsukwini eziyishumi.

Usephinde wafaka isicelo sokubuyiselwa emsebenzini wakhe kanti kubikwa ukuthi usefakwe ohlwini olufingqiwe lwabantu abazoqokelwa lo msebenzi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.