Iyavela indoda esolwa ngokubulala abantu kurondo eKZN

2017-08-14 11:05

Durban - Kulindeleke ukuba ivele namuhla (ngoMsombuluko) okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseShowe indoda eneminyaka engu-54 ubudala ngokubandakanyeka ecaleni lokubulala abantu abane enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Abasolwa bangena endlini yezisulu eMbongolwane ekuqaleni kwenyanga bafike bavulela ngenganono ngaphambi kokokhela indlu ngomlilo.

Amaphoyisa athi kwashona abantu abathathu kulowo muzi esontweni eledlule.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe indodakazi phambi kwayise e-KZN

Umuntu wesine ushonele esibhedlela ngesonto eledlule. Omunye usasesibhedlela.

Abasolwa ababili ababoshwe ngemuva kwesigameko bazophonswa imibuzo.

Njengamanje bathathu abantu asebebhekene namacala amane okubulala nelokuzama ukubulala.

Imbangela yesigameko isaphenywa.

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.