Iyelulama ingane ewe esitimeleni KwaMashu

2016-04-14 12:31

Durban – "Ma, ngicishe ngafa."Lawa ngamagama okuqala ashiwo yingane yentombazane yaKwaZulu-Natal itshela umama wayo ngesikhathi eyoyibona emtholampilo waKwaMashu ngemuva kokuba iwe esitimeleni esihambayo ngoMsombuluko ekuseni.

UNonzondolelo Sithole, 60, wasesigcemeni saKwa-J KwaMashu uthe indodakazi yakhe uSmangele, 14, waphuma endlini ngezithuba zabo-06:00 ekuseni elibangise esikoleni.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sishile esitimeleni

USithole uthe wathola ucingo lumazisa ngokwenzekile kwindodakazi yakhe  waphuthuma waya endaweni yesigameko esiteshini sesitimela saKwaMashu.

"Ngangimtshela ukuthi angasigibeli isitimela ngoba asiphephile kodwa ngenxa yabangani wasigibela.

"USmangele wangitshela ukuthi yonke iminyango yesitimela yayivaliwe kuvuleke owodwa wagijima wayongena kuwo kodwa ngesikhathi ethi ubeka unyawo esitimelelni isitimela savaleka, sasuka wawa wawela phansi kwiplatifomu.

USithole uphinde wathi ingane yakhe ithole imihuzuko emadolweni kodwa iyelulama ekhaya.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.