'Iyigugu kimi inyanga yabesifazane'

2017-08-11 16:04

Durban - UNomusa Sibongile Nsele, 60, onguthishanhloko wasesikoleni samabanga aphansi iZamokuhle, esiKwaMashu esigcemeni sakwa-D, uthi inyanga yabesiFazane iyigugu kuye futhi uyigubha minyaka yonke.

UMaNsele owazalelwa endaweni yakwaNganase waqala imfundo yakhe kuyo le ndawo wase wayoqhubeka nemfundo yakhe eThekwini, KwaMashu ngo-1967. Waze waqeda umatikuletsheni wakhe khona kuleli lokishi kanti unezingane ezine - abafana ababili namantombazane amabili futhi uzikhulisa yedwa.

Lo thishanhloko uthi abantu besifazane sebeyakujabulela ukuthi kunenyanga ebekelwe ukubungaza bona ngoba likhona iqhaza abalibambayo empilweni.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Izintombi zaseMhlangeni

Uthi impilo yomuntu wesifazane imatasatsa kakhulu ngoba uma usufike ekhaya njengoba engumama okhulisa izingane ezine yedwa kufanele abuye abengubaba ezinganeni zakhe, kube sengathi ukhona ubaba wekhaya futhi akwazi nokuthwala izinselelo zakhona.

"Kulezi zinselelo engibhekana nazo angibonisani namuntu, angifani nomuntu onophathina (umyeni noma isoka) kodwa ngokuthembela eNkosini nokukhuleka ngibona kuhambeka kule ndlela.

"Okunye futhi ngisuke ngivela emsebenzini nawo onezinselela zawo, uma uwumphathi konke kusemahlombe akho ngoba ulawula yonke into kusukela kwisakhiwo saleyo ndawo, abantwana osebenza ngabo, othisha osebenzisana nabo, abazali nomphakathi wonkana, konke kusuke kubheke mina ngesikhathi esincane.

"Kangangoba kwesinye isikhathi uyaphuma kosuke ukuhlelile ukuze uzokwazi ukunika lezi zinto indawo.

"Umama uhlezi ewumama noma yikuphi ngoba abantwana bala esikoleni ngibathathisa okwabantwana bami futhi umsebenzi wethu njengothisha uwukukhulisa umntwana. Umkhulise ngazo zonke izindlela hhayi ukuthi ugcine ngokumkhulisa ngemfundo kodwa mina njengothisha umsebenzi wami ukuqhubeka nendima edlalwa wumzali. Kunjalo nje ingane ichitha isikhathi esiningi nothisha kunomzali ngoba umzali ubuya emsebenzi ekhathele, usekha phezulu ngoba akanaso isikhathi, nomntwana akasakwazi ukukhuluma nomzali ngoba ekhathele. Kanti mina la esikoleni, kwesinye isikhathi ngiyakwazi ukubona ukuthi engathi lo mntwana unenkinga, ngimsondeze, ngimbuze ngize ngigcine sengishayele nocingo abazali ngizwe ukuthi alukho ushintsho abalubonayo enganeni.

"Okwasemsebenzini ngikushiya emsebenzini kanti nokwasekhaya ngikushiya ekhaya ngoba manje kuzoshayisana uma ngifika emsebenzini nezinkinga zasekhaya, ngeke kulunge."

UMaNsele uthi izinselelo abhekana nazo empilweni njengomuntu wesifazane wukuthi uyadeleleka uma ungenaye umyeni, labo abanabo abakwethembi kubayeni babo noma ngabe isimilo sakho sisihle uzazi.

"Ngiyacabanga ukuthi ukungabi naye umyeni kusuke kuwuwe ozikhethele, usuke usuvumile ukuthi impilo iyaqhubeka noma ngabe akekho umyeni eduze kwakho futhi kubalula kakhulu uma ngizithathela zonke izinqumo, ngingancikile komunye umuntu. Uma into nginayo nginayo uma ingekho kufanele ngizizamele, angiphazamisi muntu ezinhlelweni zakhe. Futhi ngenelisekile ngempilo engiyiphilayo ngingedwa nabantwana bami."

UMaNsele ebuzwa ngokukhululeka nokuphepha ezweni ewumuntu wesifazane futhi ophethe esikoleni uthe akaziboni ephephile ngoba kuningi akubona kumabonakude nakulalela emsakazweni okungekuhle. 

"Kungekudala nje kuke kwaba nesehlakalo sokwebiwa noma ukuthunjwa kwezingane zesikole, sangena nathi singiothisha futhi siphatheke kabuhlungu ngoba ingane ekugcineni kufanele ngiphendule ngoba ingane iphume ekhaya iza esikoleni. 

"Ngisho nasemakhaya asiphephile ngoba uma izigebengu zisingenela emakhaya ziqala kubantu besifazane ngoba siyaziwa ukuthi asinawo amandla futhi asikwazi ukuzivikela."

Lo thishanhloko uthe uSuku lwabesiFazane ulugubhe nabanye omama basenkonzweni akhonza kuyo iChurch of God of Profecy. Ngalolu suku njalo bayahamba bayolugubha kwelinye lamagatsha ebandla.

Kulokhu bebekwigatsha iMangethe behlangene bengabantu besifazane lapho abebelulekwa khona ngempilo bephinde bekhulisana bengabantu besifazane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!

South African tennis player and 2018 Wimbledon finalist Kevin Anderson has a large pool of loyal fans but among the most noticeable is his adorable dog Lady Kady – who even has her own instagram account.

 

Paws

Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.