Iyindida eyoboshelwe elokutholakala nempahla kamufi, hhayi elokubulala

2018-02-09 14:05

eThekwini - Uyaveva umphakathi waselokishini iMpumalanga, KwaZulu-Natal, ngodaba lwabasolwa ababili ababhekene necala lokubulala umfundi.

Umsolwa wokuqala wabanjwa ngemuva kokutholakala nomakhalekhukhwini kamufi, wavela eNkantolo yeMantshi yaseMpumalanga ngoMsombuluko.

Ukuvela kwalo mlisa enkantolo akwehlanga kahle kumalungu omndeni kamufi kanye nakumalungu omphakathi ayesenkantolo ukuzokweseka lo mndeni.

Ngesikhathi evela enkantolo, umsolwa wabekwa icala lokutholakala nempahla eyebiwe kuphela.

Lokhu kwawudida kakhulu umndeni kanye nomphakathi ngoba kayizange iphathwe eyecala lokubulala ingane yesikole eyatholakala idindilizile ngemuva kwesonto kwabikwa ngokulahleka kwayo.

Umufi ogamalakhe ngoNoluthando Sifolo, 18, wagcina ukubonakala ephuma ekhaya ngomhlaka-23 Januwari ebusuku ephendula umakhalekhukhwini ngaphandle.

Le ntokazi yanyamalala lapho kwaze kwaba wukuthi kutholakala isidumbu sayo esikhotheni esiseduze nesikole.

UBlessing Gumede oyilungu lomphakathi futhi onguNobhala we-EFF kulesi sifunda utshele abeZindaba24 ukuthi bakhathazekile ngendlela abomthetho abalusingethe ngayo lolu daba.

"Saya enkantolo ngoMsombuluko siphelezela umndeni nokuyilapho esashaqeka khona sithola ukuthi umsolwa ubhekene necala lokutholakala nempahla eyebiwe nokungumakhalekhukhwini kamufi," kusho uGumede.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu esishile ethoyilethi elisebhishi

Ngemuva kwalokhu, umphakathi wamashela emaphoyiseni ngenhloso yokuthola izimpendulo ngalokhu nangokuthi kungani engabekwanga icala lokubulala ngoba yiyonanto ayeboshelwe yona.

"NgoLwesibili ntambama, umphakathi wabamba umhlangano lapho sasidingida khona udaba lokubuyela emaphoyiseni, ngoba nakho ukuboshwa kwalo msolwa kwenzeka ngosizo lomphakathi," kuqhuba uGumede.

Uthi ngemuva kwalo mhlangano kwazwakala ukuthi sekubanjwe umsolwa wesibili, okunguyena obekwe icala lokubulala.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa wesibili nokuthi uvele enkantolo ngoLwesithathu.

"Umsolwa wesibili ubekwe icala lo kubulala, yize esevelile enkantolo, ngoMsombuluko bazovela bobabili laba basolwa nokuzothi umsolwa wokuqala naye ezobekwa necala lokubulala," kusho uMbhele.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.