'Iyiphi indoda enengqondo engalala nengane ena-9?'

2017-02-14 16:02

Johannesburg - Ziwotha ubomvu izakhamuzi zaseRosettenvillle, eningizimu yeGoli, izakhamuzi njengoba zilwisana nobugebengu endaweni.

Umphakathi ushise imizi eyishumi endaweni uthi yizo okugilwa kuzo imikhuba njenhgoba ihlala abaqwayizi nabantu abadayisa izidakamizwa.

U-Ellen Dube oneminyaka engu-37 ubudala uthe usabela izingane zakhe futhi uhlezi ecabanga ukuthi zizokwazi yini ukufikaekhaya uma zibuya esikoleni njengoba izingane ziphendulwa abaqwayizi ziphinde zinikwe nezidakamizwa.

UNgqongqoshe wezaseKhaya uMalusi Gigaba uvakashele kule ndawo ngoMsombuluko wathi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uzobizelwa endaweni ukuze uzosiza izingane okusolwa ukuthi ziphendulwa abaqwayizi.

UGigaba ubehola izikhulu zikahulumeni behambela izindawo zaseGoli ezigcwele ubugebengu.

Lezi zakhamuzi zizwakala kwi-video zibuza ukuthi "iyiphi ingane engaba ngumqwayizi, iyiphi indoda enengqondo engazibandakanya ocansini nengane eneminyaka engu-9 ubudala?"

IVIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.