Iyisinengiso le ntombazane empilweni yami - Umama kaSfiso Ncwane

2017-04-20 11:04

Durban - "Iyisinengiso le ntombazane empilweni yami," usho kanje uNkz Fikile Ncwane engxoxweni ekhethekile neLANGA ngemuva kokuzwa izindaba zokuthi umalokazana wakwakhe uhlela indumezulu yomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwendodana yakhe uSifiso Ncwane oshone ngoZibandlela (December) ngonyaka ophelile engawazisile lutho umndeni ngalo.

ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noNkz Ncwane omane wakhihla isililo ocingweni ekhuza umhlola owenziwa yinkosikazi kaSfiso uNkk Ayanda Ncwane ehlela umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lwendodana yakhe kungakapheli ngisho izinyanga eziyi-6 yashona.

"Asikaqedi ngisho inyanga le sikhumule inzilo kodwa le ntombazane isihlela imicimbi yokujuxuza kugujwa usuku lokuzalwa lwendodana yami. Ngangingedwa egunjini okubelethelwa kulona kuwuMsombuluko ekuseni ngabo 4 ngizala le ngane. Namhlanje sengikhishelwa ngaphandle uma sekuhlelwa imicimbi yokubungazwa kosuku lwayo lokuzalwa. U-Ayanda wenza sengathi uSfiso akanawo umndeni uzithathela izinqumo yedwa ngale kokuxhumana nathi," usho kanje uNkz Ncwane.

Uqhube wathi imfikisela ngamahloni into eyenziwa ngumakoti wakwakhe.

"Bekufanele alinde kuphele unyaka ngaphambi kokuba ahlele lo mcimbi akhombise ukuthi uyayihlonipha indoda yakhe. Sekuyasicacela siwumndeni wakwaNcwane ukuthi kungani agijima wajaha ukukhumula inzilo ungakapheli unyaka uSfiso eshonile. Ubefuna ukugila le mihlola abukwe yizwe,"usho kanje uNkz Ncwane kuzwakaka ukuthi uthukuthele ngendumezulu yomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwendodana yakhe.

Umndeni kaSfiso nehhovisi lakhe iNcwane Communication ihlela umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwesihlabani uSfiso ongasekho emhlabeni. Ngonyaka odlule uSfiso ngaphambi kokuba ashone, wenza indumezulu yomcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa endaweni yangakubo eMthwalume eningizimu yeKwaZulu-Natal. UNcwane wayethi uqala umkhankaso wokusiza abantu bangakubo abadlala ibhola kanye nabasendimeni yamaciko.

Umphathi weNcwane Communication u-Ayanda Ncwane uthumele isitatimende echaza kabanzi ngomcimbi, uthe bakhethe ukungawuyeki lo mcimbi ngoba uNcwane wawuqala ngenhloso yokubuyisela emphakathini. "Lo mcimbi asiwenzeli injabulo nje kuphela kodwa kwakuwusuku olwabekwa uNcwane esaphila ukuthi njalo ngosuku lwakhe lokuzalwa, enze umcimbi wokubuyisela emphakathini wangakubo" kuchaza u-Ayanda esitatimendeni.

Uthe unxenxa bonke labo abanesifiso sokupha nabo balethe izicathulo ezimnyama zesikole, kanye nobhulankethe bogogo.

Lo mcimbi uqale ukwenzeka ngonyaka odlule uNcwane esaphila eMantiyaneni Sports Ground. U-Asanda Mpayiyase okhulumela ihhovisi likaNcwane kwisitatimende uthe bahlale phansi njengehhovisi kanye nomndeni wakwaNcwane babona kuyinto enhle ukuthi baqhubeke nalo mcimbi.

OLUNYE UDABA: Lwelulamela esibhedlela usana olwagqitshwa ngunina luphila

Mhla zingama-22 kuyona le nyanga kuzobakhona ikhonsathi ezobe ibophele inqwaba yabaculi. Ngaphambi kokuba kuqale umcimbi, kuzonikelwa emindenini kanye nasezikoleni ngezingubo kanye namagilosa. Ngalo lelo langa kuzobe sekuba nendumezulu yekhonsathi ezobe ibophele uThokozani Langa, uKhuzani Mpungose, uSgwili, uMelusi Mbokazi, Mthunzi Xulu, uDumi Kokstad, uBetusekile, nabanye  abaningi. Kuzobe kungenwa mahhala. Kuzobe kukhona nemidlalo yokuzivocavoca. Lo mcimbi bathe uzoqhubeka yonke iminyaka.

ILANGA lishayele uNkk Ncwane ukuzwa ukuthi ngabe umemile yini umamezala wakhe njengoba kuzogujwa usuku lokuzalwa lukaSifiso. Ucele ukuthunyelelwa imibuzo waphendula kanje: "Mhlampe ngokukhulu ukuzithoba, akengicacise kulokhu.

"Umyeni wami, ubengazihlanganisi izinto zomsebenzi wakhe nezomndeni. Njengoba ubengakaze ababikele noma abameme ezintweni zeNcwane Communications abezenza impilo yakhe yonke ephila. Nami ngihlonipha imiyalelo yakhe ngokwenza njalo.

Uma bekuyinto emudingayo bengizomumema njengomuntu engimhloniphayo, manje izinto zomsebenzi azimufaki, nezabalandeli bakaNcwane azifaki umndeni njengoba noNcwane ayengakaze nangelilodwa ilanga amubize nami ngizoqhubeka ngenze imiyalelo yomthetho owawushawa uNcwane esaphila.

Kungayiphutha uma ngingashintsha indlela umnyeni wami akade enza ngayo izinto esaphila, kungaba ukukhombisa ukumedelela ngoba engasekho. Ngisawunkosikazi ophila ngaphansi komthetho womnyeni wami. Nenkampani ngisayiqhuba njengoba ebengiyalela uNcwane. Akukho engizokushintsha,"ubeke kanje uNkk Ncwane. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.