Iza eThekwini inhlolokhono yeNedbank Ke Yona Team Search

2018-05-03 12:30

eThekwini - Iza KwaMashu inhlolokhono yeNedbank Ke Yona Team Search okuwuhlelo okuhlungwa kulo abadlali abazoba yingxenye yeqembu lakulo nyaka, kubika iKZN Eyethu.

Le nhlolokhono izobanjelwa enkundleni iPrincess Magogo ngomhlaka-26 kwephezulu.

Kulo nyaka abaqeqeshi abazobe bekhona kubalwa u-Owen Da Gama, uMike Mangena, uKhabo Zondo no-Ephraim Shakes Mashaba.

Abadlali abazongenela lolu hlelo kumele bazimisele ngempela futhi babonise ukuthi balilambele ithuba lokuba yingxenye yalo.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi uncome iPirates ‘ngokulandela uhlelo lomdlalo’

Ngaphambilini, le nhlolokhono yakhipha abadlali abanethalente elimangalisayo okubalwa kubo u-Aubrey Maphosa Modiba owangena  le nhlolokhono esaneminyaka eyi-18 ubudala nowabanenhlanhla yokuqokwa kwabangu-18 ukuba yingxenye yeqembu ngonyaka ka-2014 nababhekana nompetha beNedbank Cup yangaleyo sizini.

Lokhu uModiba kwamuholela ekusayineni inkontileka neMpumalanga Black Aces nokwaba ngeyokuqala ebholeni elikhokhelayo kuye.

Usegijime kuCape Town City kanti muva nje ukwiSuperSport United. Useke waqokwa kwiBafana Bafana okusho ukuthi nabangenele bangaba sethubeni lokuzuza njengaye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.