Pretoria - Izakhamizi
bezidiniwe, zikhala ngokuthi abaholi bomphakathi banamanga uma bethi bazoletha
ingqalasizinda.
Babenomhlangano bedingida
ukungenami kwabo, ngemuva kwalokho abanye babo babuyela amakhaya.
Kodwa
abanye bebengazimisele ngokuqhubeka nokulinda, bashisa ihhovisi le-ANC
endaweni.
Ngemuva
kwalaokho kubenombhikisho eDonkerhoek, empumalanga yeTshwane, lapho umphakathi
uzwakalise khona ilaka lawo emigwaqeni, bashisa nezindlu zangasese izolo
ekuseni.
Funda nalolu daba: Kumiswe ukufunda kuwa uphahla esikoleni
Isakhamuzi
uDorothy Masilela,35, uthe umhlangano ububanjelwe khona emahhovisi e-ANC.
Umholi womphakathi uSello
Modiba uthe umhlangano wangeSonto
ebusuku ubungekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa aseBoschkop
uCaptain Marissa van der Merwe uthe akuboshwanga muntu, kodwa indawo iqashwe
amaphoyisa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).