Izakhamizi zisola uhulumeni kulandela esomndeni oshe nomjondolo

2016-08-05 12:30

Johannesburg - Izakhamizi zasepulazini i-Univille eLenesia South zisola uhulumeni bgokudlula emhlabeni kwamalungu omndeni amahlanu ashe angqongqa nomjondolo.

Umndeni wamalungu amahlanu ashe nomjondolo ngoLwesine ngesikhathi elele.

Yize kungakacaci ukuthi yini imbangela yomlilo, izakhamuzi zithi sezamucela uhulumeni kaningi ukuthi azifakele ugesi kodwa akekho noyedwa owazikhathaza.

OLUNYE UDABA: Ushonile umndeni oshe nomjondolo eGoli

Owesifazane osemdala, izingane ezimbili nabazukulu bakhe ababili bashe bangqongqa.

Izakhamizi zithi sekuphele iminyaka zizitshwa kanti ziphila ngaphansi kwesimo sempilo esingesihle ngisho noma sekwaphilwa ngentando yeningi.

Isakhamuzi sithi uhulumeni unendaba nazo uma sekuwukhetho nokuthi i-ANC yathumela itekisi ukuthi iyobalanda ukuze bezokwazi ukuvota ngoLwesithathu kufakazela lokhu akushoyo.

"Sivotile ngemuva kokuba basilande ngetekisi kodwa siyazi ukuthi maduze uzothi akasazi. Sesake sakusho lokhu ngaphambilini. Sesikhathele."

Esinye isakhamizi sithe abanazo izidingo zomphakathi kanti bahlezi bethenjiswa kodwa lezo zithembiso azikaze zifezwe, kubika i-EWN.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.