Izakhamuzi zaseLimpopo ngeke zisaqhubeka nombhikisho

2017-01-18 13:01

Tshitale – Izakhamuzi zaseTshitale eLimpopo sezivumelene ngokungaqhubeki nombhikisho wazo wokufuna ukwakhelwa umgwaqo wetiyela.

Lokhu kungemuva kokuba uhulumeni ethembise ngokufaka itiyela ngo-Ephreli.

NgoLwesithathu, izakhamuzi zifunge zagomela ukuthi zizoqhubeka nombhikisho kuze kube izimfuno zabo ziyahlangabezwa endaweni yabo nase-Elim.

Okhulumela umphakathi waseTshitale u-Edson Khomola Tshabalala ngoLwesibili uthe bavumelene ngokuthi ngeke besaqhubeka nokubhikisha.

OLUNYE UDABA: I-ANC igxeke uMadonsela ngombiko othinta ibhange lakwa-Absa

NgoMsombuluko nangoLwesibili, kushiswe izikole ezimbili, yizimoto ezimbili zikahulumeni nehhovisi laseposini.

Izakhamuzi bezivale umgwaqo omkhulu ongenela endaweni, zaphinde zamba imisele zivimbela amaphoyisa ukuba angangeni.

"Sivumelane ngokuvula umgwaqo bese sivala nemisele nokuthi ukufunda kuzoqhubeka ngoLwesine,” kusho uTshabalala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.