Izakhamuzi zaseNorth West zizokwazi maduze ngekusasa likaMahumapelo

2018-04-20 19:28

Izakhamuzi zaseMahikeng, eNorth West, kuzohlukana usuku lwanamhlanje sezazi ngekusasa likaSupra Mahumapelo ekutheni uzoqhubeka yini nokuba ngundunankulu walesiya sifundazwe.

UMengameli Cyril Ramaphosa kudingeke ukuthi anqamule uhambo lwakhe lwase-United Kingdom wabe esebiza umhlangano ophuthumayo nabaholi be-African National Congress (ANC) esifundazweni kanjalo namadlelandawonye.

Lo mhlangano kumanje uyaqhubeka eHeritage Park, njengoba ezinye izingxenye zesifundazwe ziqhubeka nokumbozelwa wudlame oluhambisana nemibhikisho.

Lezi zakhamuzi zinxenxa ukuba uMahumapelo ehle esikhundleni njengoba zimsola ngenkohlakalo.

OLUNYE UDABA: Kuphazamiseke ukufunda nokufundisa ezikoleni zaseMahikeng

Ondunankulu bakhethwa yizishayamthetho zezifundazwe kanti bakhishwa ngevoti kuphela nokumele kube wuhlelo olwesekwa ngamalungu enhlangano ephethe.

Ngakho uma abaholi be-ANC benquma ukuthi uMahumapelo kumele asule esikhundleni bese yena eyanqaba, inhlangano kumele iyalele amalungu ayo esishayamthetho ukuba avotele ukumketula.

Kepha inhlangano inganquma ukuthi angakhishwa esikhundleni salokho kusungulwe ikhomishini ezobhekelela izikhalazo zezakhamuzi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.