Izakhamuzi zasePMB zikhala ngokugcwala kwamathoyilethi omgodi

2018-03-15 12:31

Pietermaritzburg - Izakhamuzi zaseNcane eMbali Unit 18 ngaphandle kwaseMgungundlovu zikhala ngamathoyilethi omgodi eziwasebenzisayo akhiwa ngo-1985 kanti manje asegcwele futhi amanye aphukile.

Izakhamuzi zitshele abeGroundUp ukuthi udaba sezalubikela wonke amakhansela amadala namasha kodwa lutho ukusizakala.

Amathoyilethi anezicabha eziphukile kanti kwamanye akusahlaleki kuwo.

UNora Dladla, 64, oyisakhamuzi sendawo uthe: "Ngibambelela ngezandla zombili uma ngizikhulula, angikwazi ukuhlala phansi."

OLUNYE UDABA:'Anuka usekude amathoyilethi esikoleni'

Uthe njalo uma kufika ikhansela elisha, udaba lwamathoyilethi kubo yilo olubasemqoka. Lolu daba belungakasukunyelwa namanje futhi isimo sawo siya ngokubasibi kakhulu.

UThoko Hlongwane uthe umzukulu wakhe oneminyaka engu-5 ubudala wacishe wawela phakathi.

"Amathoyilethi ayawa, izingane azisakwazi ukuwasebenzisa. Uma ungena phakathi ayanyakaza. Izingane ziyaphelezelwa uma ziya kozikhulula."

Uthe ayikho indawo yokwakha amathoyilethi amasha.

"Angeke ngikwazi ukwakha ithoyilethi engadini, ngitshala kuyo imifino," kusho uHlongwane.

Ezinye izakhamuzi sezize zathatha isinqumo sokuzakhela amathoyilethi ashaywayo.

Ikhansela le-ANC likawadi-15 uJabulani Nene uthe uMasipala waseMsunduzi uphezu kwalo lolu daba lwamathoyilethi.

"Uma lungalunganga ngo-Okthoba nakanjani luzolunga ekuqaleni kukaJanuwari. Kwesinye isikhathi ukubambezeleka komsebenzi kudalwa yizikhulu. Akusibo ubudedengu ngasohlangothini lwamakhansela."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.