Izakhamuzi zidla nezingulube ngenxa yendlala

2017-08-27 11:17

Johannesburg – Indlala iphoqelela ezinye zezakhamuzi zaseNomzamo Park eSoweto ukuba zidle nezingulube, ukuze ziphile, kubika iThe Sunday Independent.

Umbiko eStatistics SA ngeledlule uveze ukuthi bangaphezu kuka-55% abantu baseNingizimu Afrika abahluphekayo, kanti u-47% wabantu abamnyama uhlupheka ngaphezu kwezinye izinhlanga.

Umbiko uveze ukuthi iLimpopo ne-Eastern Cape yizona zifundazwe ezibhuqwa yindlala kakahulu kunezinye kanti sincono kakhulu isimo eGauteng naseWestern Cape kodwa nakhona kunokwesabela ukuthi isimo singase sibhede ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yabantu abaningi abafudukela khona.

UNolofefe Sodladla, ohlala eNomzamo Park, uthi ukungasebenzi yikhona okwamphoqa ukuba adle nezingulube.

USodladla, odabuka e-Eastern Cape, uthi wafika eGauteng ezofuna umsebenzi ngo-1999 kodwa akaze awuthole selokhu afika.

OLUNYE UDABA: Asikhululekile bengakakhululeki abantu besifazane

“Isimo sesibheda kakhulu manje ngoba namanani okudla asephezulu. Siphila ngemali yezingane okuyisibonelelo sikahulumeni. Umyeni wami naye akasebenzi. Impilo inzima.”

USodladla,48, uthi ukudla abaphila ngakho kusuke kulethwa yiloli, lilethela izingulube.

Uthi iningi labantu alisebenzi kule ndawo, abanazo izindlu ezisesimeni, ugesi kanye namanzi.

“Ukube alifiki iloli ngabe izingane zethu azidli lutho. Liyasisiza kakhulu.”

Esinye isakhamuzi, uNomalanga Zodumo, sikholelwa ukuthi uhulumeni usebakhohliwe.

Okhulumela idolobha laseGoli uKarabo Tledima uthe umasipala uphezu kwezinhlelo zokwakha amathuba emisebenzi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.