Izakhamuzi zishise isigubhu sikagesi kunombhikisho

2017-01-31 07:08

Durban – Kushiswe isigubhu sikagesi ku-R102 ngesikhathi izakhamuzi zibhikishela ukungabibikho kukagesi endaweni yaseFairbreeze, oThongathi, enyakatho yeTheku ngoMsombuluko ebusuku.

Ekhuluma neNews24, usihlalo wekomidi eliqapha umphakathi oThongathi, uNazir Sadack, uthe zilinganiselwa kwezingu-300 izakhamuzi ezidudule isikorokoro semoto ebesiseceleni komgwaqo zasishisa ngesikhathi zibhikisha.

Uthe izakhamuzi azeneme ngokuthi sekuphele izinsuku ezimbili ungekho ugesi.

"Okwamanje akekho umuntu okubikwe ukuthi uthole ukulimala."

OLUNYE UDABA: Babaleke bashiya isithunzi abaphathi kutheleka amalungu enyunyana emahhovisi

Uqhube wathi ucela izakhamuzi zehlise umoya.

"Okwamanje sinethemba lokuthi lolu daba luzolungiseka ngendlela efanele. Siyazi ukuthi udingeka kangakanani ugesi. Kodwa noma kunjalo, ukushisa isigubhu sikagesi ngeke kwazisiza izakhamuzi.”

USadack uthe amaphoyisa asiqaphile isimo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.