Izakhamuzi zithi zikhathele amakaka agcwele imigwaqo

2016-07-14 10:02

Johannesburg - Izakhamuzi zase-Uitenhage zikhathele ngamakaka agcwele emigwaqeni.

Lezi zakhamuzi zithi sezihlale nalenkinga yokugcwala kwendle emgwaqeni kusukela ngoFebhuwari.

Iphephandaba iDaily Sun yashicilela udaba elinesihloko esithi "Pool of Stink" ngomhlaka-26 Ephreli kodwa inkinga ibingakaxazululwa.

OLUNYE UDABA: Izingane zidliswa amakaka esikoleni-Umbiko

Kuqhume isitamukoko kuNtakomlilo Street indle yachithekela emgwaqeni yayongena phakathi kwemizi yomhxaso kuNkotyeni Street.

Lokhu kwaze kwafika kuSangcaphe Street.

Ilungu lomphakathi uSimphiwe Zondani, 49, uthe abasazi nokuthi sekukangaphi belubika lolu daba kwiziphathimandla.

"Amakaka agcwele yonke indawo kamuva nje umasipala uke wafika nethimba lakhe wazobheka," kusho uZondani.

"Bathi bazobuya!

"Kungathi babekhathazeke kakhulu ngomsebenzi ababezowenza.

"Kufanele ilungiswe le nkinga."

Okhulumela umasipala waseNelson Mandela Bay uMthubanzi Mniki uthe: "Kuziothunyelwa abantu bakwamasipala.

"Lolu daba sizolulandela ngokuhamba kwesikhathi."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.