IZambia isikhwele yadilika kuMalema ‘ongayazi ipolitiki’

2017-08-02 11:05

Cape Town – Uhulumeni waseZambia usushiye ongalazi kumholi we-Economic Freedom Fighter (EFF), uJulius Malema, ngokuphawula kwakhe akwenze ngempelasonto nalapho ethe uMengameli Edgar Lungu ungundlovukayiphikiswa.

NgoMgqibelo, uMalema wasola uLungu ngokuphatha ngendlela kahulumeni wobandlululo ngokubopha umholi weqembu eliphikisayo ngamacala okuvukela umbuso.

UHakainde Hichilema, umholi we-United Party for National Development (UPND) yaseZambia, ubelokhu eboshiwe kusukela ngo-Ephreli.

“Kunento engahambi kahle ngempela eZambia. Amaqembu aphikisayo acindezelwe,” uMalema washo kanjalo ekhuluma nabalandeli bakhe enkundleni yezemidlalo, iCurries Fountain Stadium, eThekwini.

OLUNYE UDABA: Sekufakwe isicelo esiphuthumayo ukuze kuboshwe u-Andile Mngxitama we-BLF

“Lungu, uyigwala. Vumela amaqembu aphikisayo ukuthi akuphikise. Uma ngabe ungumholi wangempela, uzobahlula ngempela, hhayi ngokubabopha,” usho kanjalo.

“Awuhlukile no-de Klerk, …Awuhlukile noVerwoerd. Uma ngabe abantu bekuphikisa, uyababopha,” kusho uMalema.

Kodwa-ke, ngokombiko weBBC, uhulumeni waseZambia usugxeke kabi uMalema, wathi izinsolo zakhe “azinasisekelo ngoba akhekho umuntu ohlukunyezwayo”.

“UMalema kumele akuqonde ukuthi abantu baseZambia bavuthiwe ngokwepolitiki futhi bayakwazi ukubhekana nezinkinga zabo uma zikhona, futhi angeke bazehlisele ezingeni eliphansi kangako ngokuthi bacele usizo kubantu abangayazi ipolitiki futhi abangamahlongandlebe abafana noMnumzane Malema.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.