Izangoma zithi uRamaphosa nguye umengameli olandelayo we-ANC

2017-12-18 16:00

Johannesburg - Njengoba sekulindelwe imiphumela kulandela ukuvota kwezithunywa engqungqutheleni ye-ANC eqhubeka eNasrec, eGoli, izangoma zithi amathambo athi nguCyril Ramaphosa ozophuma phambili.

Kwesokwengameli uKhongolose kuphakanyiswe uRamaphosa noNkosazana Dlamini-Zuma, kanti izangoma sezitshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi nakanjani uRamaphosa nguye ozodla umhlanganiso bese eba ngumengameli olandelayo wezwe.

Isangoma uJabulani Mthimkhulu waseSoweto uthe amathambo usewalahle kathathu, abuya nempendulo efanayo.

OLUNYE UDABA: NDZ vs CR17: Kuvotwe kanje ezinkundleni zokuxhumana...

"Amathambo ami angitshengisa ukuthi uCyril nguye ozodla umhlanganiso. Amathambo ami awakaze ashaye eceleni," esho.

Ekhuluma neDaily Sun, uMahlinza Dlamini uthe uRamaphosa nguye okhethwe ngabantu. "Abantu bakuleli bayazifela ngoRamaphosa," esho.

“Isizwe asikakulungeli ukuphathwa ngumuntu wesifazane.”

USihlalo weThekwini Traditional Healers, uThandonjani Hlongwane, uthe nawakhe amathambo akhombisa uRamaphosa njengozophuma phambili.

Lumi kanje uhlu lwabagaqele izikhundla kwiTop 6 ye-ANC:

KwesikaMengameli - Nkosazana Dlamini-Zuma, Cyril Ramaphosa

ISekela likaMengameli - David Mabuza, Lindiwe Sisulu

USihlalo – Gwede Mantashe, Nathi Mthethwa

UNobhala Jikelele – Senzo Mchunu, Ace Magashule

ISekela likaNobhala Jikelele – Jesse Duarte, Zingiswa Losi

UMgcinimafa – Paul Mashatile, Maite Nkoane-Mashabane



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.