Harare – Kubikwa ukuthi abantu baseZimbabwe sebecelwe ukuba banikele okungenani ngezinkomo ezingu-150 njengoba kuzobe kugujwa usuku lokuzalwa lukaMengameli waleliya lizwe, uRobert Mugabe ngasekupheleni kwenyanga.
UMugabe uzobe ehlanganisa iminyaka engu-93 ngomhlaka-21 kuFebhuwari.
Lo mholi useqhoqhobale isikhundla sobumengameli eZimbabwe kusukela ngonyaka ka-1980 ngesikhathi leliya lizwe eliseningizimu ne-Afrika lithola inkululeko kwiBrithani.
OLUNYE UDABA: 'Usuku lokuzalwa kukaMugabe kumele lugujwe njengolukaJesu'
Kusukela eminyakeni eyedlule, lo mholi waziwa ngokubamba imicimbi ewubukhazikhazi yokugubha usuku lokuzalwa kwakhe kanti ngokujwayelekile iyaye idle izigidi zamaDola.
Ngokusho kwephephandaba lombuso, iHerald, abahleli bomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa walo nyaka bahlose ukuthi okungenani bathole izinkomo ezingu-150 ezizobe zidikadikwa abantu abalinganiselwa ku-100 000 abazobe behambele umcimbi.
UNever Khanye weZanu-PF uthi ukunikela kukumuntu ngamunye ukuthi azivolontiyele, kodwa amapulazi amakhulu aseMatabeleland South lapho kuzobe kubanjelwe khona lo mgubho, kumele anikele ngenkomo ipulazi ngalinye ukukhombisa ukubonga lo mholi oseneminyaka eqhoqhobele izintambo.
Kwenzeka lokhu nje, ngenyanga eyedlule uphiko lwentsha lweZanu-PF luthe usuku lokuzalwa lukaMugabe kumele lugujwe njengoKhisimusi, lathi akufanele luthathwe njengezinye izinsuku ezijwayelekile ngoba noMugabe ucishe afane noJesu.