Izibulele indoda edubule umkayo phambi kwabafundi esikoleni

2017-08-14 18:00

Bushbuckridge - Kudutshulwe kwabulawa uthisha wesikole samabanga aphansi eBushbuckridge, eMpumalanga, ngoMsombuluko ekuseni.

Kusolwa ukuthi lo thisha udutshulwe wumkyeni wakhe phambi kwabafundi esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Motsholi Bhembe, uthe isikole besesizoqala ngesikhathi umyeni walo thisha eqonda kuthishanhloko eyocela ukukhuluma nalo thisha ofundisa uGrade 2.

Uthishanhloko wenqaba, kodwa le ndoda yalokhu iphikelela, ithi idinga imizuzu embalwa nje ukukhuluma naye, kusho uBhembe.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa uthisha eRichards Bay

UBhembe uthe uthishanhloko ugcine eseyivumela le ndoda ukuthi iyokhuluma nonkosikazi wayo.

Ngokusho kukaBhembe, abanye abafundi bebemile ngaphandle kwekilasi ngesikhathi kufika le ndoda, 40, iqonda ngqo kuthisha yafike yavulela ngenhlamvu ibhekise kuye.

"Lo wesifazane ube esesho ngejubane ebaleka, kodwa le ndoda yaphinde yadubula kabili, yamshaya washona," kusho uBhembe. 

Le ndoda ibalekile endaweni yesigameko. Uthe amaphoyisa aye emzini walezi zithandani afica le ndoda isizibulele. Inenxeba lokudutshulwa ekhanda.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala, ase evula idokodo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga, uJasper Zwane, uthe isigameko sibashaqile.

"Sibuhlungu ngesigameko esihlasimulisayo, sithi alwehlanga lungehli emndenini kamufi nalabo abathintekile ngokudlula kwakhe," kusho uZwane.

UZwane uthe njengamanje uMnyango usiqaphile isimo esikoleni kanti futhi usutshale izisebenzi zikahulumeni zezempilo ukuze zizoluleka abafundi, othisha namanye amalungu omndeni ngokomqondo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.