'Izigameko zokubulawa kosopolitiki e-KZN kungase kwenze omasipala bangalawuleki'

2017-09-05 15:59

Durban – Ukuqhubeka kwezigameko zokubulawa kwabantu okuhlobene nezepolitiki KwaZulu-Natal kungase kuholele ekutheni omasipala bangalawuleki, kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngoLwesibili.

Ubuphawula mayelana nokushona kwalowo owayenguNobhala Jikele we-ANC Youth League, uSindiso Magaqa, oshonele esibhedlela eThekwini ngoMsombuluko, kulandela “isigameko sokuzama ukumsoconga” ngomhlaka-13 Julayi.

"UMnyango ubona lezi zigameko njengezingase zisuse uthuthuva bese omasipala besifundazwe bagcina sebefinyelele ezingeni lokungalawuleki. Sinethemba lokuthi umthetho uzodlala indima yawo kubanjwe abenzi bokubi,” kusho uNgqongqoshe uNomusa Dube-Ncube.

UMagaqa, ikhansela likaWadi 11 eMzimkhulu uNonsikelelo Mafa nelikaWadi 16 uJabu Mzizi babebuya emhlanganweni we-ANC esifundeni ngesikhathi behlaselwa oshayasibhamu abangaziwa.

OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi udlisiwe owe-ANC oshonele esibhedlela

I-ANCYL e-KZN inxuse uhulumeni ukuba asheshise uphenyo “ngalokhu kubulala okuhlobene nezepolitiki okubukeka kuqondwe ngakho abaholi abasebancane ku-ANC”.

"UMagaqa udlula emhlabeni ngesikhathi lapho i-ANC ibadinga ngempela abantu abathembekile. Ukushona kwakhe kusishiye sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala siyi-ANCYL njengoba ebengomunye wabaholi abasebasha abebethembisa futhi i-ANC ebinezinhlelo zokubajuba ezikhundleni eziphezulu kuhulumeni,” kusho uNobhala esifundzweni uThanduxolo Sabelo.

IDemocratic Alliance e-KZN ithe kunobufakazi obuqinile bokuthi ukuhlaselwa kwala makhansela kunogcobho wezepolitiki, “njengoba uMagaqa wayenemibuzo ngokuningi okwakungahambi kahle kuleya ndawo”.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe sekuzovulwa icala lokubulala kulandela ukushona kukaMagaqa.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.