Izigebengu ebezigqokise okwamaphoyisa zigebenge iloli ebelithwele ama-TV

2017-09-08 16:00

eGoli - Amaphoyisa athungatha abasolwa abangaziwa ukuthi bangakuphi abebezenza amaphoyisa, abagebenge iloli ebelithwele impahla eHoughton, eGoli.

Ngokusho kwamaphoyisa aseNorwood lesi sigameko senzeke ku-1st Avenue ngomhlaka-29 ku-Agasti.

Leli loli belithwele omabonakude kanye namagumbagumba.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iNorth Eastern Tribune kuthiwa leli loli kanye nempahla ebiphakathi kungokwenani lika-R1 948 924.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amaphoyisa ngokutholakala nogwayi ongekho emthethweni

Okhulumela amaphoyisa aseNorwood uCaptain Elliot Tshivhase uthe abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW emhlophe ifakwe amalambu aluhlaza ase emisa umshayeli weloli eceleni komgwaqo.

"Umshayeli ubecabanga ukuthi umiswa amaphoyisa angempela. Ube esemisa iloli eceleni komgwaqo walinda ecabanga ukuthi kukhona okubi akwenzile.

"Umangale esebona umsolwa oyedwa esemkhomba ngesibhamu wamtshela ukuthi akangene emotweni yabo," kubika uTshivhase.

Abasolwa bahambe nalo mshayeli bayomlaxaza emgwaqeni ehlathini ngaseNorwood, ngenhlanhla abazange bamlimaze.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.