Izigebengu zebe isidumbu nekhanda emathuneni eLimpopo

2017-09-06 07:01

Makuya - Amaphoyisa aseLimpopo aphansi phezulu athungatha abantu abasolwa ngokuphanga kulandela ukwebiwa kwesidumbu nekhanda emathuneni, eTshitavha, eSamandou, empumalanga neThohoyandou.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe baphenya icala lokuphazanyiswa kwasebalala.

Uphenyo luqale ngemuva kokuba owesifazane wasendaweni aveza ukuthi wayeyingxenye yeqembu elaleba izidumbu emathuneni eminyakeni embalwa eyedlule.

OLUNYE UDABA:Ukushaqeka kwebiwa izingubo engcwabeni

Kusolwa ukuthi lo wesifazabne ubesebenzisana nomngani ukumba amathuna, ngenhloso yokutholela izangoma izidumbu.

NgoLwesibili, izakhamuzi zendawo zabuthanela emathuneni, ziphelezelwa yizihlobo zika-Alpheus Phundulu, owafihlwa ngo-2007.

Ithuna likaPhundulu kutholakale ukuthi lambiwa ngemuva kokuba lowo owayeyilungu leqembu eleba izidumbu adalula ukuthi akusekho muntu ethuneni likamufi.

Ngemuva kwamahora amabili nemizuzu engu-20 kumbiwa, amaphoyisa nabezidumbu abatholanga lutho kuleli thuna.

Ngesonto eledlule, amaphoyisa aveza ukuthi isidumbu sendoda eyafihlwa ngonyaka ophelile sishumpulwe ikhanda.

"Kulandela ukumbiwa kwesidumbu esatholwa singenalo ikhanda ngesonto eledlule, namuhla siphinde samba futhi, kulokhu asitholanga lutho ethuneni," kusho uMojapelo.

"Akukho lutho, ngisho namathambo," kusho indodana kaPhundulu, uFhatuwani.

UFhatuwa akakwazanga ukuzibamba wakhihla isililo.

Khonamanjalo, amaphoyisa acele ukuba uDanile Nephawe axhumane nawo njengoba ethi nguye ongakwazi ukuwasiza ngophenyo.

UMojapelo uthe kuphenywa icala lokuphambana nengalo yomthetho elibhekene nesangoma - igama laso elisagodliwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.