Izigebengu zibaleke nenqwaba yobucwebe ziphanga isitolo eWestville

2017-08-15 14:01

Durban - Izigebengu ebezihlomile zibaleke nobucwebe benani lika-R1 million ngoMsombuluko ngesikhathi ziphanga isitolo esisenxanxatheleni yezitolo eWestville.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Elizabeth Squires ukuqinisekisile lokhu wathi umsolwa oyedwa ubegqoke ihembe elide nento efana newigi ekhanda.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Highway Mail abasolwa bebebahlanu, bebabili ebebehlome ngezibhamu.

OLUNYE UDABA:Sebuzofakwa ama-tracker ubucwebe ezitolo ngenxa yokwebiwa

"Bagasele kulesi sitolo ekuseni ngk-11:40 bafuna izikhiye zokuvula amakhabethe akhangise ubucwebe," kusho uSquires.

Abasolwa babaleke nanemali ebisesisefweni kanye nobucwebe. Akudutshulwanga muntu futhi akekho olimalile.  

kuthiwa abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lwe-VW emnyama.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.