Izigebengu zibulale ikhehla zabaleka nesikhwama senkosikazi

2017-02-04 11:01

Polokwane – Kudutshulwe kwabulala ikhehla endaweni yokuvakasha eduzane naseEooiberg, eLimpopo ngoLwesihlanu ekuseni, kusho amaphoyisa.

Izigebengu zibulale uDaniel Killian Jacobs, 62, endaweni yokuvakasha iLeeupoort eseduzane naseRooiberg, kusho uBrigadier Motlafela Mojapela.

UJacobs nenkosikazi yakhe u-Emmarentia, 61, bebevakashele kule ndawo. UJacoba wavuka ngezithuba zabo-03:00 eyophuza amanzi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe ikhehla kuphangwa eKapa

Inkosikazi yakhe yabona abantu belokhu behla benyuka ngaphandle yase ebikela uJacobs wazikhiyela ethoyilethi wakwazi nokufuna usizo esebenzisa iselula yakhe.

Izigebengu zaphihliza iwindi ngesitini zangena ngaphakathi.

Ngesikhathi omakhelwane befika, bafica uJacobs eseshonile enenxeba lokudutshulwa esifubeni. Izigebengu zeba isikhwama sika-Emmarentia.

Amaphoyisa ophiko lwezinja, awendawo kanye nezakhamuzi ziphansi phezulu zifuna ababulali.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.