Izigebengu zihlalise lubhojozi abashayeli baseKokstad

2018-04-20 11:09

Kokstad - Bahlaliswe lubhojozi yizigebengu abashayeli bama- meter cab eKokstad eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal eziduna izimoto zabo ziphinde zibathumbe.

Esinye sezigameko sakamuva nje umshayeli we-meter cab uthole ucingo lomuntu wesilisa obefuna ukuphuthunyiswa edolobheni othe uselokishini lakuleya ndawo iHorseshoe.  

Lo mshayeli, ongeke adalulwe ngenxa yokuvikela impilo yakhe, uthi uhambile waya khona kuleli lokishi ecabanga ukuthi uyolanda muntu mumbe obendinga usizo lwangempela. “Ngifikile lapho kodwa ngafika kungabantu besilisa ababili, abafike bagibela ngemuva bobabili.

"Ngihambile nabo ngaya edolobheni, kuthe ngingazelele bangibamba bangikhipha emotweni bangifaka ebhuthini,” kusho lo mshayeli.

OLUNYE UDABA: Kushone 3 kwalimala 3 kwesokudubula erenki 

Uthi ihambile imoto naye engazi ukuthi iya ngakuphi kodwa wezwa kulokhu kunomsindo ngaphakathi emotweni. Uthe bathe besahamba njalo imoto yaphelelwa uphethiloli.

“Bangikhiphile ebhuthini bafuna imali bangayitholi emuva kwalokho babaleka. Kodwa ngithe uma ngibheka kanti bebeyongilahle ehlathini laseNtsikeni,” kusho umshayeli.

Okhulumela amaphoyisa uKhapteyini Dumisani Ncongo uxwayise abashayeli ukuthi kufanele baqaphele. Uthe asiqali lesi sigameko ukwenzeka njengoba ekuqaleni kwahanjwa nemoto yangatholakala nhlobo.

Uthi kufana nama-ambulensi nawo bayawaxwayisa ngoba ikhona imikhuba yabantu abawabiza ngenhloso yobugebengu kube sengathi kukhona ogulayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.