Izigebengu zingene ngeveni esitolo sobucwebe zizophanga

2016-07-20 20:31

Cape Town – Abanikazi besitolo sobucwebe bathi banenhlanhla ngoba basaphila ngemuva kokuthi iveni lingene lacishe laphelele esitolo.

Le migulukudu emine ihlehlele kulesi sitolo sobucwebe ngeveni yohlobo lweToyota Hilux kwaphuka amawindi futhi bebephethe nezando.

OLUNYE UDABA:Kugwilize ababili bethungatha ubucwebe emapayipini eThekwini

UJabbar Jabbar, 52, ongumnikazi wesitolo sobucwebe i-Andaaz Jewellers, kanye nophathina wakhe uZahoor Khan, 48, bebekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu.

“Iveni lingene ngomgwaqo uPine Road kanti imoto yesibili imi kumgwaqo uMurton Road,” kusho uJabbar.

“Ngemuva kokuthi baphahlaze iwindi, bathathe lokhu abangakuthatha, bashaya bachitha.”

UJabber uthi ubengaphandle ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu, umzala wakhe onguphathina wakhe udubule walimaza oyedwa wemigulukudu.

Abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lwe-VW Polo etholwe amaphoyisa eRylands, kubika i-Daily Voice.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.