Izigebengu ziqhumise i-safe zabaleka nemali egalaji elise-KZN

2017-07-28 14:00

Durban – Abasolwa abebehlome beyizingovolo babaleke nesamba semali engadalulwanga ngemuva kokuqhumisa ngebhomu i-safe egalaji eliseWinklespruit, eningizimu yeTheku, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele utshele iNews24 ukuthi lesi sigameko senzeke ngabo-23:00 ngoLwesine ebusuku.

"Ofake isimangalo uthi ngoLwesine ebusuku ngabo-23:00, ubeqhuba umsebenzi wakhe owejwayelekile njengonogada ngesikhathi kuthushuka abasolwa abebehlomile.

"Uthi abasolwa baqhumise ngebhomu i-safe ngaphambi kokubaleka nesamba semali esingadalulwanga,” kusho uMbhele.

OLUNYE UDABA: I-video: Izigebengu zibamba inkunzi eThekwini

Izakhamuzi zaseWinklespruit zithi zizwe ukuqhuma kwenganono ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko sokuphanga.

ULara Cloete ubhale kuFacebook wathi: "Inganono izamule kaningi, bengicabanga ukuthi kuqhuma ukhilikithi. Umsindo ubusholo eduze. Liyasabisa izwe esiphila kulo.”

UNerisha Jagers naye ubhale wathi: "Oh Nkosi yami, nami ngiwuzwile umsindo wesibhamu. Bekusabisa kakhulu!”

"Kuvulwe icala lokuphanga ibhizinisi esiteshini samaphoyisa aseManzimtoti okuphenywayo ngalo," kusho uMbhele.

 

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.