Izigebengu zisabise 'ngokupheka' ingane zibamba inkunzi e-KZN

2018-01-09 16:00

Durban - Amadoda amane asabise umndeni ngokupheka ingane eneminyaka engu-5 ubudala, ngokuyifaka kuhhavini, uma ungafuni ukukhipha yonke impahla yawo ngesikhathi ebamba inkunzi emzini oseVerulam, enyakatho yeTheku, ngoLwesibili ekuseni.

"Ngezithuba zabo-08:45 amalungu eReaction Unit abizelwe emzini obuhlaselwe yizigebengu, afika athola ukuthi abasolwa bavimbezele lo mndeni, umsizi wasendlini nomuntu obeqashelwe ukufaka ama-tiles endlini," kushi uPrem Balram, okhulumela iReaction Unit Sout Africa (RUSA).

UBalram uthe enye yala madoda ibihlome ngesibhamu. La madoda afune ukutshengiswa isisefo asabisa lo mndeni "ngokupheka" ingane yentombazane uma ungalaleli.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe ingane kuphangwa emzini oseBrakpan

"Omunye wezisulu ube esetshengisa abasolwa isisefo esisekamelweni ebesifihlwe yikhabethe. Abasolwa bakhiphe isisefo besebenzisa ifosholo.

"Abasolwa babophe izisulu izandla ngaphambi kokuzikhiyela kwelinye igumbi. Babe sebebaleka nesisefo ebesinesamba semali esingadaluliwe namaselula angu-7. Akuqinisekiswanga ukuthi abasolwa babaleke ngaluphi uhlobo lwemoto," esho.

UBalram uthe umndeni ukwazile ukuzikhulula washayela ucingo abe-Rusa ucela usizo. Onogada bakwaRusa bathole izinhlamvu kwelinye lamagumbi okulala, okukholakala ukuthi ziwiswe yila madoda ngesikhathi esebaleka.

"Omunye wezisulu ulimale ekhanda. Ingane yona ayizange ilimale ngesikhathi sesigameko," kusho uBalram.


 - Daily News

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.