Johannesburg – Kulimale onogada ababili ngesikhathi izigebengu zibamba iloli kumgwaqo u-R21 eBoksburg ngoLwesithathu.
Ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng, amadoda amathathu abehlomile amise iloli ebeliphethe omakhalekhukhwini.
OLUNYE UDABA:Kushone abathathu izigebengu zigasela KwaMnyandu Mall
Leli loli beliphelezelwa onogada abebehlomile nokuyilapho sekusuka khona uthuthuva.
Kulimale onogada ababili, izigebengu zabaleka nalo iloli.
Okhulumela abe-Emer-G-Med, uMax Cohen, uthe labo nogada baphuthunyiswe esibhedlela besesimweni esibucayi kakhulu.